Unehemiya 7:24-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili;

25. abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu.

26. Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili;

27. amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;

28. amadoda aseBeti Azimaveti: ngamashumi amane nambili;

29. amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;

30. amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;

31. amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;

32. amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu;

33. amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;

34. abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

35. abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;

36. abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;

37. abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;

38. abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.

39. Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;

40. abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;

41. abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;

42. abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.

43. AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.

Unehemiya 7