Unehemiya 7:22-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalombili;

23. abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nane;

24. abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili;

25. abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu.

26. Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili;

27. amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;

28. amadoda aseBeti Azimaveti: ngamashumi amane nambili;

29. amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;

30. amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;

31. amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;

32. amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu;

33. amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;

34. abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

35. abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;

36. abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;

37. abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;

Unehemiya 7