Unehemiya 7:18-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa;

19. abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa;

20. abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nanhlanu;

21. abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;

22. abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalombili;

23. abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nane;

24. abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili;

25. abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu.

26. Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili;

27. amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;

28. amadoda aseBeti Azimaveti: ngamashumi amane nambili;

29. amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;

Unehemiya 7