Unehemiya 7:13-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu;

14. abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;

15. abantwana bakwaBinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili;

16. abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili;

17. abantwana bakwa-Azigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili;

18. abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa;

19. abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa;

20. abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nanhlanu;

Unehemiya 7