1. Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi,
2. ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.
3. Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga; besemi, mabavale izivalo, baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.”
4. Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.
5. UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:
6. Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,
7. abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana.Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
8. abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
9. abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
10. abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili;
11. abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili;