1. Kwathi lapho oSanibalati, noThobiya, noGeshemi wase-Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni,
2. oSanibalati noGeshemi bathumela kimi, bathi: “Woza sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Babehlose ukwenza okubi kimi.
3. Ngathuma izithunywa kubo, ngathi: “Ngisebenza umsebenzi omkhulu, anginakwehla; umsebenzi ubuyakumelani, ngiwuyeke, ngehlele kini, na?”
4. Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo.
5. USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu, iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo.