Unehemiya 5:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nawomkabo ngabafowabo abaJuda.

2. Ngokuba babekhona abathi: “Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi; masithole amabele ukuba sidle, siphile.”

3. Babe khona nabathi: “Sibambisile ngamasimu ethu, nangezivini zethu, nangezindlu zethu; masithole amabele ngenxa yendlala.”

4. Babe khona nabathi: “Sitshelekile imali yokuthela enkosini ngamasimu ethu nangezivini zethu.

5. Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu, abantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe; futhi awakho amandla ezandleni zethu, ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.”

6. Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa ukukhala kwabo nalawo mazwi.

7. Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.

8. Ngathi kubo: “Thina njengamandla esinawo sihlengile abafowethu abaJuda ababethengiselwe abezizwe; seniyakuthengisa ngabafowenu, bathengiselwe kithi, na?” Bathula, abafumananga zwi.

9. Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?

10. Nami nabafowethu nezinceku zethu sibatsheleke imali namabele. Ake siyeke ukubiza le nzalo.

11. Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nenxenye yekhulu yemali, neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.”

Unehemiya 5