4. Ngase ngikhuleka ngathi: “Yizwa, Nkulunkulu wethu, ngokuba sidelelekile, ubuyisele inhlamba yabo phezu kwamakhanda abo, ubanikele ukuba baphangwe ezweni lokuthunjwa;
5. ungalisibekeli icala labo, masingesulwa isono sabo phambi kwakho, ngokuba bakucunulile ngaphambi kwabakhi.”
6. Sase sivusa-ke ugange; lonke ugange lwahlanganiswa kwaze kwagamanxa, ngokuba abantu babenenhliziyo yokusebenza.
7. Kepha kwathi oSanibalati, noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,
8. benza ugobe ukuba baye ukulwa neJerusalema, balilimaze.
9. Kepha sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabamisela abalindi imini nobusuku ngenxa yabo.
10. UJuda wathi: “Amandla abathwalayo aphelile; amabibi maningi; asisenakuluvusa ugange.”
11. Abamelene nathi bathi: “Abayikwazi, abayikubona size sifike phakathi kwabo, sibabulale, sivimbe umsebenzi.”
12. Kwathi lapho abaJuda ababehlala eceleni kwabo sebefika, bathi kithi kayishumi, bevela ezindaweni zonke: “Buyelani kithi.”
13. Ngase ngimisa ngenzansi ezindaweni ezisemva kogange nakwezisobala abantu ngemindeni yabo, benezinkemba zabo, nemikhonto yabo, neminsalo yabo.
14. Lapho sengibhekile, ngasuka ngathi kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu: “Ningabesabi; khumbulani iNkosi enkulu neyesabekayo, nilwele abafowenu, namadodana enu, namadodakazi enu, nawomkenu, nezindlu zenu.”
15. Kwathi izitha zethu sezizwile ukuthi kwazeke kithi nokuthi uNkulunkulu wayeshafisile icebo labo, sabuyela sonke ogangeni, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe.
16. Kusukela kulolo suku inxenye yezinceku zami yasebenza emisebenzini, nenxenye yazo yaphatha imikhonto, nezihlangu, neminsalo, namabhantshi ensimbi; ababusi babe semva kwendlu yonke yakwaJuda.
17. Abavusayo ugange nabathwalayo imithwalo bazithwesa benza umsebenzi ngesinye isandla, nangesinye baphatha izikhali zabo;
18. nabakhi bonke babe nenkemba ibhincwe ezinkalweni zabo, bakha kanjalo. Owabetha icilongo wayengaseceleni kwami.