18. nabakhi bonke babe nenkemba ibhincwe ezinkalweni zabo, bakha kanjalo. Owabetha icilongo wayengaseceleni kwami.
19. Ngokuba ngangithe kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu: “Umsebenzi mkhulu, ubanzi, sahlukene ogangeni, omunye ukude nomunye.
20. Noma kuyiphi indawo lapho nizwa khona ukubethwa kwecilongo, buthanani khona, nize kithi; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.”
21. Sase senza nathi umsebenzi wethu, inxenye iphethe imikhonto, kusukela ekuqaleni kokusa kuze kuphume izinkanyezi.
22. Kanjalo ngaleso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo kahlale nenceku yakhe phakathi kweJerusalema ukuba zibe ngabalindi bethu ebusuku, zisebenze emini.”
23. Mina nabafowethu, nezinceku zami, nabalindi abangilandelayo, kwakungekho kithi owakhumula izingubo zakhe; yilowo nalowo wayenesikhali esandleni sakhe.