Unehemiya 3:9-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodana kaHure, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema.

10. Eceleni kwakhe kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe. Eceleni kwakhe kwalungisa uHathushi indodana kaHashabineya.

11. UMalikhiya, indodana kaHarimi, noHashubi, indodana kaPhahati Mowabi, balungisa elinye ibanga noMbhoshongo Wamaziko.

12. Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.

13. ISango Lesigodi lalungiswa nguHanuni nabakhe eZanowa; balakha, bamisa izivalo zalo nezihluthelelo zalo nemigoqo yalo, nezingalo eziyinkulungwane zogange kwaze kwaba seSangweni Lomquba.

Unehemiya 3