Unehemiya 3:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.

5. Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.

6. ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya, babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

7. Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni, noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa, phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.*

8. Eceleni kwabo kwalungisa u-Uziyeli indodana kaHarihaya wabakhandi begolide. Eceleni kwakhe kwalungisa uHananiya wabathaki. Baliyeka iJerusalema kwaze kwaba soGangeni Olubanzi.

Unehemiya 3