Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya indodana ka-Azibuki, umbusi wenxenye yesifunda saseBeti Suri, kwaze kwaba sendaweni malungana namathuna kaDavide, nasechibini elimbiweyo, naseNdlini Yamaqhawe.