Unehemiya 3:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.

2. Eceleni kwakhe kwakha abantu baseJeriko, naseceleni kwabo kwakha uZakuri indodana ka-Imri.

3. ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasenawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

4. Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.

5. Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.

6. ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya, babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

Unehemiya 3