6. Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: “Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani, nokubuya kuyakuba nini na?” Kwaba kuhle-ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.
7. Futhi ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula,* ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda,
8. kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.
9. Ngase ngifika kubabusi phesheya koMfula,* ngabanika izincwadi zenkosi. Inkosi yayithume nami izinduna zempi nabamahhashi.
10. Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.
11. Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu.
12. Ngavuka ebusuku, mina nabantu abathile abayingcosana; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso.
13. Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku, ngaya eMthonjeni kaDrako* naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo.