7. ngaya eJerusalema, ngaqonda okubi u-Eliyashibi akwenzele uThobiya ngokumlungisela ikamelo emagcekeni endlu kaNkulunkulu.
8. Kwaba kubi kakhulu kimi; ngalahla phandle zonke izinto zendlu kaThobiya zikhishwe ekamelweni.
9. Ngase ngithi mabahlambulule amakamelo; ngabuyisela khona izitsha zendlu kaNkulunkulu kanye neminikelo yempuphu nenhlaka.
10. Ngase ngazi ukuthi amaLevi awanikwanga izabelo zawo; amaLevi nabahlabeleli abenza umsebenzi babebalekele, kwaba yilowo nalowo ensimini yakhe.
11. Ngase ngiphikisana nababusi, ngathi: “Ishiyelweni indlu kaNkulunkulu na?” Ngababutha, ngababeka ezindaweni zabo.
12. Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kwamabele, nokwewayini, nokwamafutha engcebeni.
13. Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo: nguShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, noPhedaya wamaLevi; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya, ngokuba kwathiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.
14. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungesuli izenzo zami zomusa engizenzileyo endlini kaNkulunkulu wami nasenkonzweni yayo.
15. Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.
16. AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.
17. Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda, ngathi kubo: “Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?
18. Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”
19. Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo, ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.
20. Abathengi nabathengisi bezimpahla zezinhlobo zonke base belala ngaphandle kweJerusalema kanye nakabili.
21. Ngabaxwayisa, ngathi kubo: “Nilalelani malungana noganga na? Uma niphinda, ngiyakubeka isandla sami kini.” Kusukela kuleso sikhathi abafikanga ngesabatha.
22. Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule, eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.
23. Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.