21. Ngabaxwayisa, ngathi kubo: “Nilalelani malungana noganga na? Uma niphinda, ngiyakubeka isandla sami kini.” Kusukela kuleso sikhathi abafikanga ngesabatha.
22. Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule, eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.
23. Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.
24. Abantwana babo bakhuluma ngokwenxenye ngesi-Ashidodi; bengenakukhuluma isiJuda bakhuluma ngolimi lwezizwe ngezizwe.
25. Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.