Unehemiya 13:19-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo, ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.

20. Abathengi nabathengisi bezimpahla zezinhlobo zonke base belala ngaphandle kweJerusalema kanye nakabili.

21. Ngabaxwayisa, ngathi kubo: “Nilalelani malungana noganga na? Uma niphinda, ngiyakubeka isandla sami kini.” Kusukela kuleso sikhathi abafikanga ngesabatha.

22. Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule, eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.

23. Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.

24. Abantwana babo bakhuluma ngokwenxenye ngesi-Ashidodi; bengenakukhuluma isiJuda bakhuluma ngolimi lwezizwe ngezizwe.

25. Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.

26. Akonanga ngalokho uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli na? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye; wayethandekile kuNkulunkulu wakhe; uNkulunkulu wambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; nokho abesifazane babezizwe bamonisa naye.

27. Sekuzwakele nangani ukuthi nenzile konke lokho okubi kakhulu ukuba niphambuke kuNkulunkulu wethu ngokuzithathela abesifazane babezizwe.”

28. Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.

Unehemiya 13