Unehemiya 12:31-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezabongayo, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;

32. emva kwaso kwahamba uHoshaya nenxenye yezikhulu zakwaJuda,

33. no-Azariya, no-Ezra, noMeshulamu,

34. noJuda, noBenjamini, noShemaya, noJeremiya,

35. kanye namadodana athile abapristi ephethe amacilongo: uZakariya kaJonathani, kaShemaya, kaMathaniya, kaMikhaya, kaZakuri, ka-Asafa,

36. nabafowabo oShemaya, no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo.

37. NgaseSangweni Lomthombo malungana nabo bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi.

38. Esinye isigaba saya ngakwesokhohlo, mina ngasilandela kanye nenxenye yabantu ogangeni, ngasenhla koMbhoshongo Wezithando, kwaze kwaba soGangeni Olubanzi,

Unehemiya 12