31. Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezabongayo, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;
32. emva kwaso kwahamba uHoshaya nenxenye yezikhulu zakwaJuda,
33. no-Azariya, no-Ezra, noMeshulamu,
34. noJuda, noBenjamini, noShemaya, noJeremiya,
35. kanye namadodana athile abapristi ephethe amacilongo: uZakariya kaJonathani, kaShemaya, kaMathaniya, kaMikhaya, kaZakuri, ka-Asafa,
36. nabafowabo oShemaya, no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo.
37. NgaseSangweni Lomthombo malungana nabo bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi.