Unehemiya 12:3-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. noShekaniya, noRehumi, noMeremoti,

4. no-Ido, noGinethoyi, no-Abiya,

5. noMijamini, noMahadiya, noBiliga,

6. noShemaya, noJoyaribi, noJedaya,

7. noSalu, no-Amoki, noHilikiya, noJedaya. Labo babe yizinhloko zabapristi nezabafowabo emihleni kaJeshuwa.

8. AmaLevi: ngoJeshuwa, noBinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya owayephethe ukubonga, yena nabafowabo,

9. noBakibukiya no-Uno abafowabo, bemalungana nabo ngezigaba.

10. UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibi; u-Eliyashibi wazala uJoyada;

11. uJoyada wazala uJonathani; uJonathani wazala uJaduwa.

12. Emihleni kaJoyakimi izinhloko zawoyise babapristi zaziyilezi: ekaSeraya: nguMeraya; ekaJeremiya: nguHananiya;

Unehemiya 12