Unehemiya 12:24-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Izinhloko zamaLevi nazi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.

25. OMathaniya, noBakibukiya, no-Obadiya, noMeshulamu, noThalimoni, no-Akubi babe ngabalindisango, belinda izindlu zokubekelela ngasemasangweni.

26. Labo babe khona emihleni kaJoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra, umbhali.

27. Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*

28. Abantwana babahlabeleli babuthana bevela ethafeni elalizungeza iJerusalema nasemizaneni yamaLevi,

29. naseBeti Giligali, nasemasimini aseGeba, nase-Azimaveti, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema.

30. Abapristi namaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, namasango, nogange.

Unehemiya 12