23. Izinhloko zawoyise babantwana bakwaLevi zalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla, kwaze kwaba semihleni kaJohanani indodana ka-Eliyashibi.
24. Izinhloko zamaLevi nazi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.
25. OMathaniya, noBakibukiya, no-Obadiya, noMeshulamu, noThalimoni, no-Akubi babe ngabalindisango, belinda izindlu zokubekelela ngasemasangweni.
26. Labo babe khona emihleni kaJoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra, umbhali.
27. Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*
28. Abantwana babahlabeleli babuthana bevela ethafeni elalizungeza iJerusalema nasemizaneni yamaLevi,
29. naseBeti Giligali, nasemasimini aseGeba, nase-Azimaveti, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema.
30. Abapristi namaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, namasango, nogange.