Unehemiya 12:20-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. ekaSalayi: nguKhalayi; eka-Amoki: ngu-Ebere;

21. ekaHilikiya: nguHashabiya; ekaJedaya: nguNethaneli.

22. AmaLevi abhalwa emihleni ka-Eliyashibi, noJoyada, noJohanani, noJaduwa njengezinhloko zawoyise kanye nabapristi ekubuseni kukaDariyu umPheresiya.

23. Izinhloko zawoyise babantwana bakwaLevi zalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla, kwaze kwaba semihleni kaJohanani indodana ka-Eliyashibi.

24. Izinhloko zamaLevi nazi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.

25. OMathaniya, noBakibukiya, no-Obadiya, noMeshulamu, noThalimoni, no-Akubi babe ngabalindisango, belinda izindlu zokubekelela ngasemasangweni.

26. Labo babe khona emihleni kaJoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra, umbhali.

27. Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*

28. Abantwana babahlabeleli babuthana bevela ethafeni elalizungeza iJerusalema nasemizaneni yamaLevi,

29. naseBeti Giligali, nasemasimini aseGeba, nase-Azimaveti, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema.

30. Abapristi namaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, namasango, nogange.

31. Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezabongayo, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;

32. emva kwaso kwahamba uHoshaya nenxenye yezikhulu zakwaJuda,

Unehemiya 12