1. Nampa abapristi namaLevi abakhuphuka noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa: oSeraya, noJeremiya, no-Ezra,
2. no-Amariya, noMaluki, noHathushi,
3. noShekaniya, noRehumi, noMeremoti,
4. no-Ido, noGinethoyi, no-Abiya,
5. noMijamini, noMahadiya, noBiliga,
6. noShemaya, noJoyaribi, noJedaya,
7. noSalu, no-Amoki, noHilikiya, noJedaya. Labo babe yizinhloko zabapristi nezabafowabo emihleni kaJeshuwa.
8. AmaLevi: ngoJeshuwa, noBinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya owayephethe ukubonga, yena nabafowabo,
9. noBakibukiya no-Uno abafowabo, bemalungana nabo ngezigaba.
10. UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibi; u-Eliyashibi wazala uJoyada;
11. uJoyada wazala uJonathani; uJonathani wazala uJaduwa.
12. Emihleni kaJoyakimi izinhloko zawoyise babapristi zaziyilezi: ekaSeraya: nguMeraya; ekaJeremiya: nguHananiya;