Unehemiya 11:6-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Onke amadodana kaPheresi ahlala eJerusalema ayengamadoda anamandla angamakhulu amane namashumi ayisithupha nesishiyagalombili.

7. Nampa abantwana bakwaBenjamini: uSalu kaMeshulamu, kaJohedi, kaPhedaya, kaKholaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya.

8. Emva kwakhe ngoGabayi noSalayi, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amabili nesishiyagalombili.

9. UJoweli, indodana kaZikiri, wayengumbonisi; uJuda, indodana kaHasenuwa, wayengowesibili emzini.

10. Kubapristi: nguJedaya, indodana kaJoyaribi, noJakini,

11. noSeraya kaHilikiya, kaMeshulamu, kaSadoki, kaMerayoti, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu;

12. nabafowabo ababewenza umsebenzi abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amabili nambili, no-Adaya kaJerohamu, kaPhelaliya, ka-Amisi, kaZakariya, kaPhashuri, kaMalikhiya;

13. nabafowabo, izinhloko zawoyise, bengamakhulu amabili namashumi amane nambili, no-Amashisayi ka-Azareli, ka-Ahizayi, kaMeshilemoti, ka-Imeri;

14. nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; umbonisi wabo wayenguZabidiyeli, indodana kaHagedolimi.

15. KumaLevi: nguShemaya kaHashubi, ka-Azirikamu, kaHashabiya, kaBuni,

16. noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,

17. noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.

Unehemiya 11