3. Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe: abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini,* nabantwana bezinceku zikaSolomoni.
4. EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini. Kubantwana bakwaJuda: ngu-Athaya ka-Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi,
5. noMahaseya kaBaruki, kaKholi Hoze, kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribi, kaZakariya, indodana yomShiloni.
6. Onke amadodana kaPheresi ahlala eJerusalema ayengamadoda anamandla angamakhulu amane namashumi ayisithupha nesishiyagalombili.
7. Nampa abantwana bakwaBenjamini: uSalu kaMeshulamu, kaJohedi, kaPhedaya, kaKholaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya.
8. Emva kwakhe ngoGabayi noSalayi, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amabili nesishiyagalombili.