24. UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.
25. Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda: eKiriyati Araba nasemizaneni yalo, naseDiboni nasemizaneni yalo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo,
26. naseJeshuwa, naseMolada, naseBeti Pheleti,
27. naseHasari Shuwali, naseBeri Sheba nasemizaneni yalo,
28. naseSikilagi, naseMekhona nasemizaneni yalo,
29. nase-Eni Rimoni, naseSora, naseJarimuthi,
30. naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.
31. Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aja, naseBethele nasemizaneni yalo,
32. nase-Anathoti, naseNobi, nase-Ananiya,
33. naseHasori, naseRama, naseGitayimi,
34. naseHadidi, naseSeboyimi, naseNebalati,
35. naseLodi, nase-Ono, isiGodi Sababazi.
36. KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.