Unehemiya 11:24-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.

25. Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda: eKiriyati Araba nasemizaneni yalo, naseDiboni nasemizaneni yalo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo,

26. naseJeshuwa, naseMolada, naseBeti Pheleti,

27. naseHasari Shuwali, naseBeri Sheba nasemizaneni yalo,

28. naseSikilagi, naseMekhona nasemizaneni yalo,

29. nase-Eni Rimoni, naseSora, naseJarimuthi,

30. naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.

31. Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aja, naseBethele nasemizaneni yalo,

32. nase-Anathoti, naseNobi, nase-Ananiya,

33. naseHasori, naseRama, naseGitayimi,

34. naseHadidi, naseSeboyimi, naseNebalati,

35. naseLodi, nase-Ono, isiGodi Sababazi.

36. KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.

Unehemiya 11