22. Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBani, kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka-Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.
23. Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo, nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.
24. UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.
25. Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda: eKiriyati Araba nasemizaneni yalo, naseDiboni nasemizaneni yalo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo,
26. naseJeshuwa, naseMolada, naseBeti Pheleti,
27. naseHasari Shuwali, naseBeri Sheba nasemizaneni yalo,
28. naseSikilagi, naseMekhona nasemizaneni yalo,
29. nase-Eni Rimoni, naseSora, naseJarimuthi,
30. naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.
31. Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aja, naseBethele nasemizaneni yalo,