17. noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.
18. Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.
19. Abalindisango o-Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.
20. Abakwa-Israyeli abaseleyo, abapristi namaLevi, babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe.
21. AmaNethini* ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini.