1. Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.
2. Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.
3. Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe: abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini,* nabantwana bezinceku zikaSolomoni.
4. EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini. Kubantwana bakwaJuda: ngu-Athaya ka-Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi,