37. silethe ulibo lomgqakazo wethu, neminikelo yethu yokuphakanyiswa, nezithelo zemithi yezinhlobo zonke, newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.
38. Umpristi, indodana ka-Aroni, ubeyakuba namaLevi, lapho amaLevi amukela okweshumi; amaLevi ayakukhuphulela okweshumi kokweshumi endlini kaNkulunkulu wethu emakamelweni endlini yengcebo.
39. Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele, newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.