6. Ngiyakuphonsa okunengakayo phezu kwakho,ngikuhlazise,ngikubeke ube yinto ebukwayo.
7. Kuyakuthi bonke abakubonayo bakubalekele, bathi:‘INineve lichithekile,ngubani oyakulililela na?’Ngiyakukufunelaphi abaduduzi na?”
8. Umuhle wena kuneNo Amoni elaliphakathi kwemifula,elalizungezwe ngamanzi,elilugange lwalo lwalululwandle,nelidonga lwalo lungamanzi, na?
9. IKushe neGibithe kwakungamandla alo angenakuphela;uPhuthi namaLubi babe ngabasizi bakho.