Unahume 3:6-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngiyakuphonsa okunengakayo phezu kwakho,ngikuhlazise,ngikubeke ube yinto ebukwayo.

7. Kuyakuthi bonke abakubonayo bakubalekele, bathi:‘INineve lichithekile,ngubani oyakulililela na?’Ngiyakukufunelaphi abaduduzi na?”

8. Umuhle wena kuneNo Amoni elaliphakathi kwemifula,elalizungezwe ngamanzi,elilugange lwalo lwalululwandle,nelidonga lwalo lungamanzi, na?

9. IKushe neGibithe kwakungamandla alo angenakuphela;uPhuthi namaLubi babe ngabasizi bakho.

10. Nalo lamukiswa,laya ekuthunjweni,nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi;benza inkatho ngezikhulu zalo,nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.

11. Uyakudakwa nawe, ufihlwe;futhi uyakufuna inqaba yokubalekela izitha.

12. Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwaneenamakhiwane ayingqalabutho;uma inyakaziswa,awela emlonyeni wodlayo.

13. Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje;amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho,umlilo udlile imigoqo yakho.

Unahume 3