12. Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwaneenamakhiwane ayingqalabutho;uma inyakaziswa,awela emlonyeni wodlayo.
13. Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje;amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho,umlilo udlile imigoqo yakho.
14. Zikhelele amanzi okuvinjezelwa,uqinise izinqaba zakho;ngena odakeni,uxove ibumba,uqinise uhonela.
15. Lapho umlilo uyakukuqeda,inkemba ikunqume,ikudle njengenkasa;zandise njengenkasa,zandise njengesikhonyane!
16. Wandisile abathengisi bakho kunezinkanyezi zezulu;inkasa iyakhula, indize imuke.
17. Izikhulu zakho zinjengezinkumbi,nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyaneesihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza,kepha lapho liphuma ilanga, sindize simuke,ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.
18. Abelusi bakho balele,nkosi yase-Asiriya;abakhulu bakho bayaphumula;abantu bakho bahlakazekile ezintabeni,akakho obabuthayo.
19. Akukho ukupholiswa kokwaphulwa kwakho;umvimbo wakho unzima;bonke abezwa umbiko ngawe bashaya izandla ngawe,ngokuba ngubani ububi bakhoobungadlulelanga njalo phezu kwakhe na?