10. Nalo lamukiswa,laya ekuthunjweni,nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi;benza inkatho ngezikhulu zalo,nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.
11. Uyakudakwa nawe, ufihlwe;futhi uyakufuna inqaba yokubalekela izitha.
12. Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwaneenamakhiwane ayingqalabutho;uma inyakaziswa,awela emlonyeni wodlayo.
13. Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje;amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho,umlilo udlile imigoqo yakho.
14. Zikhelele amanzi okuvinjezelwa,uqinise izinqaba zakho;ngena odakeni,uxove ibumba,uqinise uhonela.