Unahume 3:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wo kumuzi wezingazi!Wonke ugcwele amanga nempango,ukuphanga akupheli.

2. Ngukuqhuma kwesiswebhu,nomsindo wokugodlozela kwamasondo,namahhashi agadulayo,nezinqola ezixhumayo;

3. ngabamahhashi abasukelayo,nenkemba enjengelangabi, nomkhonto onyazimayo,abaningi ababuleweyo nenqwaba yezidumbu,kungekho ukuphela kwezidikadika;bakhubeka ngezidikadika zabo,

4. ngenxa yobuningi bobufebe besifebe esibukekayo,umnikazi wokulumba,esithengisa izizwe ngobufebe baso,nemindeni ngamalumbo aso.

Unahume 3