9. Phangani isiliva!Phangani igolide!Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyonokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.
10. Liyize, alisenalutho, lichithekile;inhliziyo iyancibilika,amadolo ayashayana,imihelo isezinkalweni zonke,nobuso babo bonke buphaphathekile.
11. Uphi umphandu wezingonyama,nedlelo lamabhongo ezingonyama,lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama,kungekho okwesabisayo na?
12. Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo,yabindela izingonyamakazi zayo;yagcwalisa imiphandu yayo ngempangonemigede yayo ngengcugco.
13. “Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti;“ngiyakushisa izinqola zakho emsini,inkemba idle amabhongo akho ezingonyama;ngiyakunquma impango yakho emhlabeni,nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”