Unahume 2:6-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Amasango emifula ayavulwa,indlu yamakhosi iyancibilika.

7. Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe;izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba,zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.

8. Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo,nokho bayabaleka.“Yimani, yimani!”Kepha akakho ophendukayo.

9. Phangani isiliva!Phangani igolide!Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyonokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.

10. Liyize, alisenalutho, lichithekile;inhliziyo iyancibilika,amadolo ayashayana,imihelo isezinkalweni zonke,nobuso babo bonke buphaphathekile.

11. Uphi umphandu wezingonyama,nedlelo lamabhongo ezingonyama,lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama,kungekho okwesabisayo na?

12. Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo,yabindela izingonyamakazi zayo;yagcwalisa imiphandu yayo ngempangonemigede yayo ngengcugco.

13. “Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti;“ngiyakushisa izinqola zakho emsini,inkemba idle amabhongo akho ezingonyama;ngiyakunquma impango yakho emhlabeni,nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”

Unahume 2