4. Izinqola ziyahlanya ezitaladini,ziyaficana ezigcawini;ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa,zigijima njengemibani.
5. Useyakhumbula izikhulu zakhe,ziyakhubeka ekuhambeni kwazo;zisheshela izingange zakhona,izivikelo ziyalungiswa.
6. Amasango emifula ayavulwa,indlu yamakhosi iyancibilika.
7. Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe;izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba,zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.
8. Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo,nokho bayabaleka.“Yimani, yimani!”Kepha akakho ophendukayo.