Unahume 2:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Izinqola ziyahlanya ezitaladini,ziyaficana ezigcawini;ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa,zigijima njengemibani.

5. Useyakhumbula izikhulu zakhe,ziyakhubeka ekuhambeni kwazo;zisheshela izingange zakhona,izivikelo ziyalungiswa.

6. Amasango emifula ayavulwa,indlu yamakhosi iyancibilika.

7. Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe;izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba,zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.

8. Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo,nokho bayabaleka.“Yimani, yimani!”Kepha akakho ophendukayo.

Unahume 2