1. Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba,ulinde indlela,uqinise izinkalo zakho,uwenze amandla akho ukuba aqine.
2. Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobenjengokuphakama kuka-Israyeli,lokhu abathululayo bebathululile,bachitha amagatsha emivini yabo.
3. Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu,amadoda anamandla embethe okubomvu;izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe;imikhonto iyaveva.
4. Izinqola ziyahlanya ezitaladini,ziyaficana ezigcawini;ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa,zigijima njengemibani.
5. Useyakhumbula izikhulu zakhe,ziyakhubeka ekuhambeni kwazo;zisheshela izingange zakhona,izivikelo ziyalungiswa.
6. Amasango emifula ayavulwa,indlu yamakhosi iyancibilika.
7. Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe;izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba,zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.
8. Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo,nokho bayabaleka.“Yimani, yimani!”Kepha akakho ophendukayo.
9. Phangani isiliva!Phangani igolide!Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyonokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.