Umshumayeli 9:4-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ohlangene nabo bonke abaphilayo kukhona ithemba kuye, ngokuba inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo.

5. Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.

6. Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.

Umshumayeli 9