Umshumayeli 9:16-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.

17. Amazwi abahlakaniphileyo ezwakalayo ekuthulenimahle kunokumemeza kobusa phakathi kweziwula.

18. Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa,ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.

Umshumayeli 9