Umshumayeli 9:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.

16. Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.

17. Amazwi abahlakaniphileyo ezwakalayo ekuthulenimahle kunokumemeza kobusa phakathi kweziwula.

18. Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa,ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.

Umshumayeli 9