1. Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga ukuthi bunzima phezu kwabantu:
2. umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo, nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo, uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi; lokho kuyize, kuyisifo esibi.