Umshumayeli 5:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.

8. Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.

9. Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.

10. Othanda imali akayikusutha ngemali,nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;nalokho kuyize.

11. Lapho okuhle kwanda,nabakudlayo bayanda;kulusizo luni kumninikhongaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?

12. Ubuthongo besisebenzi bumnandi,noma sidla okuyingcosana noma okuningi,kepha ukusutha kocebileyoakumvumeli ukuba alale.

13. Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga:ingcebo egcinelweumniniyo ukuba imlimaze;

14. futhi uma ingcebo ichithwangengozi embi,indodana ayizalileyoayinalutho esandleni sayo.

15. Njengalokho aphuma esizalweni sikanina,uyakubuye amuke,ahambe ze njengasekufikeni kwakhe,engatholi lutho ngomshikashika wakhe,ahambe nalo esandleni sakhe.

Umshumayeli 5