Umshumayeli 4:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kungcono ukhweshe lokuthulakunezandla zombili zigcwele umshikashikakanye nokufuna umoya.

7. Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:

8. Kukhona oyedwa,kanaye owesibili,yebo, akanamntwana, kanamfowabo,nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho,namehlo akhe awasuthi ngengcebo.Uthi: “Ngishikashikela-bani,ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?”Nalokho kuyize nenhlupheko embi.

9. Kungcono ababili kunoyedwa,ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.

10. Ngokuba uma bewa,omunye uyavusa umngane wakhe;kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,engenawesibili wokumvusa!

11. Futhi uma ababili belele ndawonye,banokufudumala,kepha oyedwa angafudumala kanjani na?

12. Nakuba umuntu ahlula oyedwa,ababili bayakuma phambi kwakhe,nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.

Umshumayeli 4