Umshumayeli 4:14-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi, yebo, wazalwa embusweni wayo empofu.

15. Ngabona bonke abaphilayo ababehamba phansi kwelanga bekanye nalowo mfana obeyakuma esikhundleni sakhe;

16. kwakungekho ukuphela kwabantu bonke, bonke ayephambi kwabo; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.

Umshumayeli 4