Umshumayeli 4:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.

2. Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona,

3. kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.

4. Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.

5. Isiwula siyasonga izandla zaso,sidle umzimba waso.

6. Kungcono ukhweshe lokuthulakunezandla zombili zigcwele umshikashikakanye nokufuna umoya.

7. Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:

8. Kukhona oyedwa,kanaye owesibili,yebo, akanamntwana, kanamfowabo,nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho,namehlo akhe awasuthi ngengcebo.Uthi: “Ngishikashikela-bani,ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?”Nalokho kuyize nenhlupheko embi.

Umshumayeli 4