9. Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?
10. Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.
11. Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.
12. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona.