Umshumayeli 3:20-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.

21. Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?”

22. Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?

Umshumayeli 3